OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? |
Yini Abayikholelwayo?OFakazi BakaJehova bakholelwa kuNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uMdali wamazulu nomhlaba. Khona kanye ukuba khona kwezimangaliso eziklanywe ngokuyinkimbinkimbi endaweni yonke esizungezile kubonisa kahle ukuthi konke kwenziwa uMdali ohlakaniphe kakhulu nonamandla. Njengoba nje imisebenzi yamadoda nabesifazane iveza izimfanelo zabo, nemisebenzi kaJehova uNkulunkulu yenza okufanayo. IBhayibheli lisitshela ukuthi “izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.” Futhi, ngaphandle kokuphimisela noma kwamazwi, “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova.”—Roma 1:20; IHubo 19:1-4.
Abantu abazenzi izitsha zobumba, noma benze amathelevishini nama-computer ngaphandle kwenjongo. Umhlaba nokudaliweyo kuwo okuyizitshalo nezilwane kumangalisa ngisho nakakhulu. Ukuklanywa komzimba womuntu namangqamuzana awo ayizigidigidi asinakukuqonda—ngisho nobuchopho esicabanga ngabo bumangalisa ngendlela engenakuqondakala! Uma abantu benenjongo lapho benza imiklamo yabo ewubala uma kuqhathaniswa, ngokuqinisekile uJehova uNkulunkulu wayenenjongo ngendalo yakhe emangalisayo! IzAga 16:4 zithi unayo: “UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho.”
UJehova wenza umhlaba ngenjongo, njengoba atshela abantu bokuqala ababili: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba . . . nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) Ngenxa yokuthi awuzange ulalele, lo mbhangqwana wehluleka ukugcwalisa umhlaba ngemikhaya enokulunga eyayiyowunakekela ngothando umhlaba nezitshalo zawo nezilwane. Kodwa ukwehluleka kwawo akuyibhuntshisi injongo kaJehova. Ezinkulungwaneni zeminyaka kamuva, kwalotshwa: ‘UNkulunkulu, owawubumba umhlaba akawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.’ Ngeke ubhujiswe, kodwa “umhlaba umi phakade.” (Isaya 45:18; UmShumayeli 1:4) Injongo kaJehova ngomhlaba iyogcwaliseka: “Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami.”—Isaya 46:10.
Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi umhlaba uyohlala phakade nokuthi bonke abantu, abaphilayo nabafileyo, abayovumelana nenjongo kaJehova yomhlaba omuhle, owakhiwe, bangaphila kuwo phakade. Sonke isintu sazuza njengefa ukungapheleli ku-Adamu no-Eva, futhi ngenxa yalokho siyizoni. (Roma 5:12) IBhayibheli liyasitshela: “Inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa.” “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho.” “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Roma 6:23; UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4, 20) Khona-ke kungenzeka kanjani ukuba baphinde baphile ukuze bahlanganyele ezibusisweni zasemhlabeni? Ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu kuphela, ngoba wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” ‘Bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo bayolizwa izwi layo futhi baphume.’—Johane 5:28, 29; 11:25; Mathewu 20:28. Lokhu kuyokwenzeka kanjani? Kuchazwe ‘ezindabeni ezinhle zombuso,’ uJesu aqala ukuzimemezela lapho esemhlabeni. (Mathewu 4:17-23) Kodwa namuhla oFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle ngendlela ekhetheke kakhulu. | ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
LOKHO OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAKUKHOLELWAYO
| ||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||||
Inyatheliswe ngo-2000 |
|
Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|