OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? |
Izindaba Ezinhle Abafuna Ukuba Uzizwe
Lapho uJesu esemhlabeni, abafundi bakhe beza kuye bambuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” Waphendula wathi kwakuyoba nezimpi ezihilela izizwe eziningi, indlala, izifo, ukuzamazama komhlaba, ukwanda kokungabi namthetho, abafundisi benkolo bamanga abadukisa abaningi, ukuzondwa nokushushiswa kwabalandeli bakhe beqiniso futhi uthando ngokulunga lwaluyophola kubantu abaningi. Lapho lezi zinto ziqala ukwenzeka, zaziyobonisa ukuthi uKristu wayekhona ngokungabonakali nokuthi uMbuso wasezulwini ususondele. Lokhu kwakuyoba izindaba ezinhle! Ngakho uJesu wanezela la mazwi njengengxenye yesibonakaliso: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:3-14. Izenzakalo zezwe zamuva zimbi kakhulu, kodwa lokho ezikubonisayo kuhle, okungukuthi, ukuba khona kukaKristu. Izimo okukhulunywe ngazo ngenhla zaqala ukwenzeka ngalowo nyaka ka-1914 owamenyezelwa kabanzi! Zaphawula ukuphela kweZikhathi Zabezizwe nokuqala kwenkathi yenguquko ukusuka ekubuseni komuntu kuya ekuBuseni KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Ukuthi kwakuyoba nenkathi yenguquko kuboniswa yiHubo 110, amavesi 1 no-2, nesAmbulo 12:7-12. Lapho, kuboniswa ukuthi uKristu wayeyohlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini kuze kube yisikhathi sokuba abe yiNkosi. Khona-ke impi ezulwini yayiyophumela ekulahlelweni kukaSathane emhlabeni, okwakuyoletha umaye emhlabeni, futhi uKristu wayeyobusa phakathi kwezitha zakhe. Ukuphela okuphelele kobubi kwakuyofika ‘ngosizi olukhulu,’ olwaluyofinyelela emvuthwandaba empini yeHarmagedoni futhi lulandelwe ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okunokuthula.—Mathewu 24:21, 33, 34; IsAmbulo 16:14-16.
IBhayibheli lithi: “Kodwa yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, benesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bezibonakalisa bengathembekile emandleni ako; futhi bafulathele laba.”—2 Thimothewu 3:1-5. Abanye bangase bathi lezi zinto zake zenzeka ngaphambili emlandweni wesintu, kodwa iqiniso liwukuthi azikaze zenzeke ngaleli zinga. Njengoba izazi-mlando nezingqapheli zisho, akukaze kube khona isikhathi emhlabeni esinjengaleso esaba khona kusukela ngo-1914 kuqhubeke. (Bheka isihloko esithi “Intuthuko Yabo Nokwanda Kwabo Namuhla.”) Omaye baye baba bakhulu kunanini ngaphambili. Ngaphezu kwalokho, ngokuqondene nezinye izici zesibonakaliso sikaKristu sezinsuku zokugcina, kufanele kucatshangelwe la maqiniso: Ukumenyezelwa kokuba khona kukaKristu noMbuso emhlabeni wonke kuye kwaba ngezinga elingakaze libonwe emlandweni. Ukushushiswa ngenxa yokushumayela akukaze kufane nalokho oFakaziBakaJehova abaye babhekana nakho. Amakhulu amaningi abo abulawa emakamu okuhlushwa amaNazi. Kuze kube namuhla oFakazi BakaJehova basavinjelwe kwezinye izindawo, futhi kwezinye bayaboshwa, bahlushwe futhi babulawe. Konke lokhu kuyingxenye yesibonakaliso esanikezwa uJesu. Njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 11:18, ‘izizwe ziye zaba nolaka’ koFakazi BakaJehova abathembekile, futhi lokhu kubonisa ukuthi ‘ulaka’ lukaJehova luyoboniswa kulezo zizwe. Lo mbhalo ofanayo uthi uNkulunkulu ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’ Akukaze nanini kube khona isikhathi emlandweni wesintu lapho ikhono lomhlaba lokusekela ukuphila liye lasongelwa kangaka. Nokho, manje sekuhlukile! Ososayensi abaningi baye baxwayisa ngokuthi uma umuntu eqhubeka nokungcolisa umhlaba, akukho lutho oluyokwazi ukuphila kuwo. Kodwa uJehova “wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo,” futhi uyobasusa abawungcolisayo ngaphambi kokuba bawuchithe ngokuphelele umhlaba.—Isaya 45:18. IZIBUSISO ZASEMHLABENI NGAPHANSI KOMBUSO
|
![]() |
| ENetherlands |
![]() |
| ENigeria |
OFakazi BakaJehova bafuna ukukutshela ngalo Mbuso nethemba elisekelwe emiBhalweni lokuphila okuphakade emhlabeni ohlanziwe futhi omuhle. Izigidi zabantu abaphilayo manje kanye nezigidigidi manje ezisemathuneni ziyoba nethuba lokuhlala kuwo phakade. Khona-ke, ngaphansi kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu Jesu, injongo kaJehova yokuqala yokudala umhlaba nokubeka abantu ababili bokuqala kuwo iyogcwaliseka. Leli Pharadesi lasemhlabeni alisoze laba yisicefe. Njengoba nje u-Adamu abelwa umsebenzi ensimini yase-Edene, kanjalo isintu siyoba nemisebenzi eyinselele yokunakekela umhlaba nezitshalo nezilwane ezikuwo. ‘Siyojabulela umsebenzi wezandla zaso isikhathi eside.’—Isaya 65:22, Revised Standard Version; Genesise 2:15.
Kungavezwa imibhalo eminingi ebonisa izimo eziyoba khona lapho umthandazo uJesu asifundisa wona uphendulwa: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Nokho, okwamanje masaneliswe yilo: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu, uyohlala naso, futhi siyoba abantu bakhe. Futhi uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ Futhi Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’ Futhi, uthi: ‘Loba, ngoba lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.’ ”—IsAmbulo 21:3-5.
Inyatheliswe ngo-2000 |