OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo? |
Inzuzo Engokoqobo Yezindaba Ezinhle Emphakathini Wakini
Kuleli zwe lanamuhla sivame ukuzwa lo mbono: “Izimiso zobuKristu aziyona inzuzo. Azisoze zasebenza emphakathini wanamuhla oyinkinga.” Nokho, ingxoxo eyabikwa eyayiphakathi komholi wamaHindu uMohandas K. Gandhi noLord Irwin owayenguMbusi waseBrithani kwelaseNdiya, yaveza umbono ohluke ngokuphelele. Kuthiwa uLord Irwin wabuza uGandhi ukuthi wayecabanga ukuthi yini eyayingaxazulula izinkinga phakathi kweGreat Britain nelaseNdiya. UGandhi wathatha iBhayibheli wavula esahlukweni sesihlanu sikaMathewu wayesethi: “Lapho izwe lakho nelami ehlanganiswa yizimfundiso ezabekwa uKristu eNtshumayelweni yaseNtabeni, siyobe asixazululanga nje izinkinga zamazwe ethu kuphela kodwa nezomhlaba wonke.” Leyo ntshumayelo ikhuluma ngokuphishekela ingokomoya nokuba mnene, ukuba nokuthula, umusa nokuthanda ukulunga. Ayilahli ukubulala kuphela kodwa nokuthukuthelela abanye, hhayi ukuphinga nje kuphela kodwa nemicabango evusa inkanuko. Ilahla ukufaka isehlukaniso esingafanele esichitha imikhaya futhi sihlukumeze nabantwana. Iyasitshela: ‘Thanda ngisho nalabo abakuzondayo, yipha abasweleyo, ungabahluleli abanye ngokungenamusa, phatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo.’ Zonke lezi ziyalo, uma zisetshenziswa, zingaletha izinzuzo ezinkulu. Lapho bebaningi abantu abazisebenzisayo emphakathini wakini, kulapho umphakathi wakini uba ngcono khona! OFakazi BakaJehova bayithonya kulokhu. IBhayibheli libafundisa ukuba bahloniphe umshado. Abantwana babo baqeqeshwa ngezimiso zokulunga. Kugcizelelwa ukubaluleka komkhaya. Imikhaya enobunye iyisibusiso emphakathini wakini, ngisho nasezweni lakini. Umlando ugcwele izibonelo zemibuso yezwe eyahlakazeka lapho izimiso zomkhaya ziba buthakathaka nokuziphatha okubi kwanda. Lapho bebaningi abantu nemikhaya ethonywa oFakazi BakaJehova ukuba iphile ngezimiso zobuKristu, kulapho ubuhlongandlebe, ukuziphatha okubi nobugebengu kuyoncipha khona emphakathini wakini.
Enye yezinkinga ezinkulu ezikhungethe imiphakathi nezizwe ukubandlululana kwezinhlanga. Ngokuphambene, umphostoli uPetru wathi: “Ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” UPawulu naye wabhala: “Akekho umJuda noma umGreki, asikho isigqila noma okhululekile, akekho owesilisa noma owesifazane; ngoba nonke ningumuntu oyedwa ebunyeni noKristu Jesu.” (IzEnzo 10:34, 35; Galathiya 3:28) OFakazi BakaJehova bayakwamukela lokhu. Abantu bazo zonke izinhlanga nebala lesikhumba baphila futhi basebenza ndawonye endlunkulu yabo yomhlaba wonke, emagatsheni nasemabandleni.
E-Afrika kunezizwe ezithile ezingenakuhlangana ndawonye ngaphandle kwezingxabano. Nokho, emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, abantu bezizwe eziningi ezihlukahlukene badla, balale futhi bakhulekele ndawonye ngobunye futhi babe nobudlelwane obufudumele. Iziphathimandla zikahulumeni ziyamangala lapho zibona lokhu. Isibonelo sethonya elihlanganisayo lobuKristu beqiniso saphawulwa yi-Amsterdam News yaseNew York ka-August 2, 1958. Lokhu kuphawula kwenziwa ngenxa yokubona umhlangano wezizwe okukhulunywe ngawo ngaphambili, lapho kwakuhlangene khona oFakazi abangaphezu kuka-250 000 eNew York City.
“Yonke indawo abaNsundu, abamhlophe nabaseMpumalanga, abavela kuzo zonke izimo zokuphila nakuzo zonke izingxenye zomhlaba, bahlangana ngenjabulo nangokukhululekile. . . . OFakazi basemazweni angu-120 abebezokhulekela baye bahlala futhi bakhulekela ndawonye ngokuthula, bebonisa abaseMelika ukuthi kungenziwa kalula kangakanani. . . . Lo mhlangano uyisibonelo esivelele sendlela abantu abangasebenza futhi bahlale ngayo ndawonye.” Abaningi bangase bathi izimiso zobuKristu azisizi ngalutho kuleli zwe lanamuhla. Nokho, yini enye eye yaphumelela noma ezophumelela? Izimiso zobuKristu zingaba yinzuzo yangempela uma zisetshenziswa manje emphakathini wakini, futhi ziyoba isisekelo sokuhlanganisa zonke ‘izizwe, izizwana nabantu’ emhlabeni wonke ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu phezu kwesintu.—IsAmbulo 7:9, 10. | ||
Inyatheliswe ngo-2000 |