Ingosi Esemthethweni YoFakazi BakaJehova

Ikhaya Beliefs Future Medical Topics Contact Us Publications Languages
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ISifundo 1Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Indlela Ongathola Ngayo Ukuthi UNkulunkulu Ufunani

Yikuphi ukwaziswa okubalulekile okuseBhayibhelini? (1)
Ngubani umlobi weBhayibheli? (2)
Kungani kufanele utadishe iBhayibheli? (3)

1. IBhayibheli liyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. Linjengencwadi evela kubaba onothando iya ezinganeni zakhe. Lisitshela iqiniso ngoNkulunkulu—ukuthi ungubani nokuthi ziyini izindinganiso zakhe. Lichaza indlela yokubhekana nezinkinga nendlela yokuthola injabulo yangempela. IBhayibheli kuphela elisitshela lokho okumelwe sikwenze ukuze sijabulise uNkulunkulu.—IHubo 1:1-3; Isaya 48:17, 18.

2. IBhayibheli lalotshwa abantu abahlukene abangaba ngu-40 enkathini eyiminyaka engu-1 600, kusukela ngo-1513 B.C.E. Lakhiwa izincwadi ezincane ezingu-66. Labo abaloba iBhayibheli babephefumulelwe uNkulunkulu. Babhala imiqondo yakhe, hhayi eyabo. Ngakho uNkulunkulu ezulwini, hhayi noma yimuphi umuntu emhlabeni, onguMlobi weBhayibheli.—2 Thimothewu 3:16, 17; 2 Petru 1:20, 21.

3. UNkulunkulu waqikelela ukuba iBhayibheli likopishwe ngokunembile futhi lilondolozwe. Kuye kwanyatheliswa amaBhayibheli amaningi kunanoma iyiphi enye incwadi. Akubona bonke abantu abayojabula uma bekubona utadisha iBhayibheli, kodwa ungavumi ukuba lokho kukuyekise. Ikusasa lakho laphakade lixhomeke ekwazini kwakho uNkulunkulu nokwenza intando yakhe naphezu kwanoma yikuphi ukuphikiswa.—Mathewu 5:10-12; Johane 17:3.

 

Inyatheliswe ngo-1996

IkhayaBuyela phezulu Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.