| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 2 |
Ungubani UNkulunkulu? |
|
| Ungubani uNkulunkulu weqiniso, futhi lingubani igama lakhe? (1, 2) | |
| Unaluhlobo luni lomzimba? (3) | |
| Yiziphi izimfanelo zakhe ezivelele? (4) | |
| Kufanele yini sisebenzise izithombe nemifanekiso lapho simkhulekela? (5) | |
| Yiziphi izindlela ezimbili esingafunda ngazo ngoNkulunkulu? (6) | |
1. Abantu bakhulekela izinto eziningi. Kodwa iBhayibheli lisitshela ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa kuphela WEQINISO. Wadala konke okusezulwini nasemhlabeni. Ngenxa yokuthi wasinika ukuphila, nguYe kuphela okufanele simkhulekele.—1 Korinte 8:5, 6; IsAmbulo 4:11.
2. UNkulunkulu uneziqu eziningi kodwa unegama elilodwa kuphela. Lelo gama lithi JEHOVA. EmaBhayibhelini amaningi, igama likaNkulunkulu liye lakhishwa kwase kufakwa iziqu ezithi NKOSI noma NKULUNKULU esikhundleni salo. Kodwa lapho kulotshwa iBhayibheli, igama elithi Jehova lalivela kulo izikhathi ezingaba ngu-7 000!—Eksodusi 3:15; IHubo 83:18. 3. UJehova unomzimba, kodwa awufani nowethu. “UNkulunkulu uwuMoya,” kusho iBhayibheli. (Johane 4:24) Umoya uhlobo lokuphila oluphakeme kunolwethu. Akukho muntu owake wabona uNkulunkulu. UJehova uhlala ezulwini, kodwa angabona zonke izinto. (IHubo 11:4, 5; Johane 1:18) Pho, uyini umoya ongcwele? Awuyena umuntu njengoNkulunkulu. Kunalokho, ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.—IHubo 104:30. 4. IBhayibheli lisambulela ubuntu bukaJehova. Libonisa ukuthi izimfanelo zakhe ezivelele uthando, ubulungisa, ukuhlakanipha, namandla. (Duteronomi 32:4; Jobe 12:13; Isaya 40:26; 1 Johane 4:8) IBhayibheli lisitshela ukuthi ubuye abe nesihe, umusa, ukuthethelela, ukuphana, nokubekezela. Thina, njengabantwana abalalelayo, kufanele sizame ukumlingisa.—Efesu 5:1, 2.
5. Kufanele yini sikhothamele izithombe noma sithandaze kuzo, noma emifanekisweni ekukhulekeleni kwethu? Cha! (Eksodusi 20:4, 5) UJehova uthi kumelwe sikhulekele yena kuphela. Ngeke ahlanganyele inkazimulo yakhe nanoma yimuphi omunye umuntu noma enye into. Izithombe azinamandla okusisiza.—IHubo 115:4-8; Isaya 42:8. 6. Singamazi kanjani uNkulunkulu kangcono? Enye indlela ukubuka izinto azidalile bese sicabanga ngokujulile ngalokho ezisitshela kona. Indalo kaNkulunkulu isibonisa ukuthi unamandla amakhulu nokuhlakanipha. Sibona uthando lwakhe kukho konke akwenzile. (IHubo 19:1-6; Roma 1:20) Enye indlela esingafunda ngayo ngoNkulunkulu ukutadisha iBhayibheli. Kulo usitshela okwengeziwe ngohlobo lukaNkulunkulu ayilo. Usitshela futhi ngenjongo yakhe nalokho afuna sikwenze.—Amose 3:7; 2 Thimothewu 3:16, 17. |
|
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2011 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|