| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 4 |
Ungubani UDeveli? |
|
| USathane uDeveli—wavelaphi? (1, 2) | |
| USathane ubadukisa kanjani abantu? (3-7) | |
| Kungani kumelwe umelane noDeveli? (7) | |
1. Igama elithi “develi” lisho umuntu okhuluma amanga amabi ngomunye umuntu. Elithi “sathane” lisho isitha noma umphikisi. Lawa amagama okwethiwa ngawo isitha sikaNkulunkulu esikhulu. Ekuqaleni, sasiyingelosi ephelele, esezulwini noNkulunkulu. Nokho, kamuva sazicabangela ngokweqile futhi safuna ukukhulekelwa okungokukaNkulunkulu.—Mathewu 4:8-10.
2. Lengelosi, uSathane, yakhuluma no-Eva ngenyoka. Ngokumtshela amanga, yakwazi ukumenza angamlaleli uNkulunkulu. Ngaleyo ndlela uSathane wahlasela lokho okubizwa ngokuthi “ubukhosi” bukaNkulunkulu, noma isikhundla njengoPhezukonke. USathane wakwenza kwangabazeka ukuthi uNkulunkulu ubusa ngendlela efanele neyoba yinzuzo ezikhonzini zaKhe. USathane wabuye wenza kwangabazeka ukuthi bakhona abantu abayohlala bethembekile kuNkulunkulu. Ngokwenza lokhu, uSathane wazenza isitha sikaNkulunkulu. Kungakho abizwa ngokuthi uSathane uDeveli.—Genesise 3:1-5; Jobe 1:8-11; IsAmbulo 12:9. 3. USathane uzama ukuphamba abantu ukuze bakhulekele yena. (2 Korinte 11:3, 14) Enye indlela adukisa ngayo abantu yinkolo yamanga. Uma inkolo ifundisa amanga ngoNkulunkulu, empeleni isuke ifeza injongo kaSathane. (Johane 8:44) Abantu abangamalungu ezinkolo zamanga bangase bakholelwe ngobuqotho ukuthi bakhulekela uNkulunkulu weqiniso. Kodwa empeleni basuke bekhonza uSathane. ‘Ungunkulunkulu walelizwe.’—2 Korinte 4:4.
4. Ukusebenzelana nemimoya kungenye indlela uSathane enza ngayo abantu babe ngaphansi kwamandla akhe. Bangase babize imimoya ukuba ibavikele, ilimaze abanye, ibikezele ngekusasa, noma yenze izimangaliso. USathane ungamandla amabi abangela yonke lemikhuba. Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumelwe sihlukane nokusebenzelana nemimoya.—Duteronomi 18:10-12; IzEnzo 19:18, 19. 5. USathane udukisa abantu nangokuqhosha okwedlulele ngohlanga nangokukhulekelwa kwezinhlangano zezombangazwe. Abanye banomuzwa wokuthi isizwe noma uhlanga lwakubo lungcono kunolwabanye. Kodwa lokhu akulona iqiniso. (IzEnzo 10:34, 35) Abanye abantu babheka izinhlangano zezombangazwe ukuba zixazulule izinkinga zomuntu. Ngokwenza lokhu, benqaba uMbuso kaNkulunkulu. Uwukuphela kwekhambi lezinkinga zethu.—Daniyeli 2:44.
6. Enye indlela uSathane adukisa ngayo abantu ukubalinga ngezifiso eziyisono. UJehova usitshela ukuba sigweme imikhuba eyisono ngoba uyazi ukuthi iyosilimaza. (Galathiya 6:7, 8) Abanye abantu bangase bafune uhlanganyele nabo emikhutsheni enjalo. Nokho, khumbula, empeleni uSathane ofuna wenze lezi zinto.—1 Korinte 6:9, 10; 15:33. 7. USathane angase asebenzise ukushushiswa noma ukuphikiswa ukuze akwenze ushiye uJehova. Abanye babantu obathandayo bangase bathukuthele kakhulu ngenxa yokuthi utadisha iBhayibheli. Abanye bangase bahlekise ngawe. Kodwa ubani omkweletayo ngokuphila kwakho? USathane ufuna ukukwesabisa ukuze uyeke ukufunda ngoJehova. Ungamvumeli uSathane anqobe! (Mathewu 10:34-39; 1 Petru 5:8, 9) Ngokumelana noDeveli, ungenza uJehova ajabule futhi ubonise ukuthi usekela ubukhosi baKhe.—IzAga 27:11. |
||||
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2011 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|