| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 5 |
Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba? |
|
| Kungani uJehova adala umhlaba? (1, 2) | |
| Kungani umhlaba ungelona ipharadesi manje? (3) | |
| Kuyokwenzekani kubantu ababi? (4) | |
| Esikhathini esizayo, yini uJesu ayoyenzela abagulayo? asebekhulile? abafileyo? (5, 6) | |
| Ukuze uhlanganyele ezibusisweni zesikhathi esizayo, yini okudingeka uyenze? (7) | |
1. UJehova wadala lomhlaba ukuze abantu bajabulele ukuhlala kuwo phakade. Wayefuna ukuba ngaso sonke isikhathi emhlabeni kuhlale abantu abalungileyo nabajabulayo. (IHubo 115:16; Isaya 45:18) Umhlaba awusoze wabhujiswa; uyohlala phakade.—IHubo 104:5; UmShumayeli 1:4. 2. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu enze umuntu, wakhetha ingxenye encane yomhlaba wayenza yaba ipharadesi elihle. Wayibiza ngokuthi insimu yase-Edene. Yilapha lapho abeka khona owesilisa wokuqala nowesifazane, u-Adamu no-Eva. UNkulunkulu wayehlose ukuba babe nabantwana futhi bagcwale kuwo wonke umhlaba. Kancane kancane babeyokwenza wonke umhlaba ube ipharadesi.—Genesise 1:28; 2:8, 15.
3. U-Adamu no-Eva bona ngokweqa umthetho kaNkulunkulu ngamabomu. Ngakho uJehova wabaxosha ensimini yase-Edene. Ipharadesi lalahleka. (Genesise 3:1-6, 23) Kodwa uJehova akayikhohliwe injongo yakhe ngalomhlaba. Uthembisa ukuwenza ipharadesi, lapho abantu beyohlala khona phakade. Uyokwenza kanjani lokhu?—IHubo 37:29. 4. Ngaphambi kokuba lomhlaba ube ipharadesi, abantu ababi kumelwe basuswe. (IHubo 37:38) Lokhu kuyokwenzeka e-Armagedoni, eyimpi kaNkulunkulu yokuqeda ububi. Ngemva kwalokho, uSathane uyoboshwa iminyaka engu-1 000. Lokhu kusho ukuthi akukho bantu ababi abayosala bonakalise umhlaba. Kuyosinda abantu bakaNkulunkulu kuphela.—IsAmbulo 16:14, 16; 20:1-3. 5. UJesu Kristu uyobe esebusa njengeNkosi phezu kwalomhlaba iminyaka engu-1 000. (IsAmbulo 20:6) Kancane kancane uyosusa isono ezingqondweni zethu nasemizimbeni. Siyoba abantu abaphelele njengoba nje u-Adamu no-Eva babenjalo ngaphambi kokuba bone. Khona-ke ngeke kusaba nokugula, ukuguga, nokufa. Abantu abagulayo bayophulukiswa, futhi abagugile bayobuye babe basha.—Jobe 33:25; Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3, 4. 6. Phakathi nokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, abantu abathembekile bayosebenzela ukushintsha wonke umhlaba ube yipharadesi. (Luka 23:43) Futhi, izigidi zabafileyo ziyovuselwa ekuphileni kobuntu emhlabeni. (IzEnzo 24:15) Uma zenza lokho uNkulunkulu akufunayo kuzo, ziyoqhubeka ziphila emhlabeni phakade. Uma zingakwenzi, ziyobhujiswa phakade.—Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:11-15. 7. Ngaleyo ndlela injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngomhlaba iyofezeka. Ungathanda yini ukuhlanganyela kulezi zibusiso zesikhathi esizayo? Uma kunjalo, kudingeka uqhubeke ufunda ngoJehova futhi ulalela izimfuneko zakhe. Ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova langakini kuyokusiza ukuba wenze njalo.—Isaya 11:9; Heberu 10:24, 25.
|
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|