Ingosi Esemthethweni YoFakazi BakaJehova

Ikhaya Beliefs Future Medical Topics Thintana Nathi Publications Languages
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ISifundo 7Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Ukusondela KuNkulunkulu Ngomthandazo

Kungani kubalulekile ukuthandaza njalo? (1)
Ubani okufanele sithandaze kuye, futhi kanjani? (2, 3)
Yiziphi izinto okufanelekile ukuzithandazela? (4)
Kufanele uthandaze nini? (5, 6)
Ingabe uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo? (7)

1. Umthandazo uwukukhuluma noNkulunkulu ngokuthobeka. Kufanele uthandaze njalo kuNkulunkulu. Ngaleyo ndlela ungazizwa useduze naye njengomngane othandekayo. UJehova mkhulu kakhulu futhi unamandla, kodwa uyayilalela imithandazo yethu! Ingabe uthandaza njalo kuNkulunkulu?—IHubo 65:2; 1 Thesalonika 5:17.

2. Umthandazo uyingxenye yokukhulekela kwethu. Ngakho, kufanele sithandaze kuNkulunkulu, uJehova kuphela. Lapho uJesu esemhlabeni, ngaso sonke isikhathi wayethandaza kuYise, hhayi komunye umuntu. Kufanele senze okufanayo. (Mathewu 4:10; 6:9) Nokho, yonke imithandazo yethu kufanele yenziwe egameni likaJesu. Lokhu kubonisa ukuthi siyasihlonipha isikhundla sikaJesu nokuthi sinokholo emhlatshelweni wakhe wesihlengo.—Johane 14:6; 1 Johane 2:1, 2.

3. Lapho sithandaza kufanele sikhulume noNkulunkulu ngokusuka ezinhliziyweni zethu. Akufanele senze imithandazo eshiwo ngekhanda noma siyifunde encwadini yemithandazo. (Mathewu 6:7, 8) Singathandaza sikunoma yisiphi isimo senhlonipho, nganoma yisiphi isikhathi, nakunoma iyiphi indawo. UNkulunkulu angezwa ngisho nemithandazo eyenziwa buthule ezinhliziyweni zethu. (1 Samuweli 1:12, 13) Kuhle ukuthola indawo ethulile, singekho phakathi kwabantu ukuze senze imithandazo yethu yomuntu siqu.—Marku 1:35.

4. Yiziphi izinto ongazithandazela? Noma yini engathinta ubuhlobo bakho naye. (Filipi 4:6, 7) Umthandazo oyisibonelo ubonisa ukuthi kufanele sithandazele igama likaJehova nenjongo yakhe. Futhi singacela ukuba izidingo zethu ezingokwenyama zinakekelwe, izono zethu zithethelelwe, sicele nosizo ukuze simelane nokulingwa. (Mathewu 6:9-13) Imithandazo yethu akufanele kube eyobugovu. Kufanele sithandazele kuphela izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu.—1 Johane 5:14.

5. Ungathandaza noma nini lapho inhliziyo yakho ikushukumisela ukuba ubonge noma udumise uNkulunkulu. (1 IziKronike 29:10-13) Kufanele uthandaze lapho unezinkinga futhi ukholo lwakho luvivinywa. (IHubo 55:22; 120:1) Kuyafaneleka ukuthandaza ngaphambi kokuba udle. (Mathewu 14:19) UJehova usimema ukuba sithandaze “ngezikhathi zonke.”—Efesu 6:18.

6. Kudingeka sithandaze ikakhulukazi lapho senze isono esingathi sína. Ngezikhathi ezinjalo kufanele sicele isihe sikaJehova nentethelelo. Uma sizivuma izono zethu kuye futhi senza konke esingakwenza ukuze singaziphindi, uNkulunkulu “ukulungele ukuthethelela.”—IHubo 86:5, NW; IzAga 28:13.

7. UJehova ulalela imithandazo yabantu abalungileyo kuphela. Ukuze imithandazo yakho izwiwe uNkulunkulu, kumelwe wenze konke ongakwenza ukuze uphile ngemithetho yakhe. (IzAga 15:29; 28:9) Kumelwe uthobeke lapho uthandaza. (Luka 18:9-14) Kudingeka usebenzele kulokho okuthandazelayo. Ngaleyo ndlela uyobonisa ukuthi unokholo nokuthi uqinisile kulokho okushoyo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho uJehova eyophendula khona imithandazo yakho.—Heberu 11:6.

 

Inyatheliswe ngo-1996

IkhayaBuyela phezulu Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Copyright © 2011 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.