Ingosi Esemthethweni YoFakazi BakaJehova

Ikhaya Beliefs Future Medical Topics Contact Us Publications Languages
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ISifundo 8Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Ukuphila Komkhaya Okujabulisa UNkulunkulu

Siyini isikhundla sendoda emkhayeni? (1)
Indoda kufanele imphathe kanjani umkayo? (2)
Yimiphi imithwalo yemfanelo ubaba anayo? (3)
Iyini indima yenkosikazi emkhayeni? (4)
Yini uNkulunkulu ayifunayo kubazali nasezinganeni? (5)
Uyini umbono weBhayibheli ngokuhlala ngokuhlukana nangesahlukaniso? (6, 7)

1. IBhayibheli lithi indoda iyinhloko yomkhaya wayo. (1 Korinte 11:3) Indoda kumelwe ibe nomfazi oyedwa kuphela. Kufanele bashade ngokufanele ngokuvumelana nomthetho.—1 Thimothewu 3:2; Thithu 3:1.

2. Indoda kufanele ithande umkayo njengoba nje izithanda. Kufanele imphathe ngendlela uJesu aphatha ngayo abalandeli bakhe. (Efesu 5:25, 28, 29) Akufanele nanini imshaye umkayo noma imphathe kabi nganoma iyiphi indlela. Kunalokho, kufanele imnike udumo, futhi imbonise inhlonipho.—Kolose 3:19; 1 Petru 3:7.

Ubaba onothando unakekela umkhaya wakhe ngokwenyama nangokomoya

3. Ubaba kufanele asebenze ngenkuthalo ukuze anakekele umkhaya wakhe. Kumelwe alungiselele umkakhe nezingane ukudla, izingubo zokugqoka, nendawo yokuhlala. Futhi ubaba kumelwe anakekele izidingo ezingokomoya zomkhaya wakhe. (1 Thimothewu 5:8) Uyahola ekusizeni umkhaya wakhe ukuba ufunde ngoNkulunkulu nezinjongo zaKhe.—Duteronomi 6:4-9; Efesu 6:4.

4. Inkosikazi kufanele ibe umsizi omuhle womyeni wayo. (Genesise 2:18) Kufanele isize umyeni wayo ekufundiseni nasekuqeqesheni izingane zabo. (IzAga 1:8) UJehova ufuna ukuba inkosikazi inakekele umkhaya wayo ngothando. (IzAga 31:10, 15, 26, 27; Thithu 2:4, 5) Kufanele ibe nenhlonipho ejulile ngomyeni wayo.—Efesu 5:22, 23, 33.

5. UNkulunkulu ufuna ukuba izingane zilalele abazali bazo. (Efesu 6:1-3) Ulindele ukuba abazali bafundise futhi baqondise izingane zabo. Abazali kudingeka babe nesikhathi nezingane zabo futhi batadishe nazo iBhayibheli, benakekela izidingo zazo ezingokomoya nezingokomzwelo. (Duteronomi 11:18, 19; IzAga 22:6, 15) Abazali akufanele nanini bajezise izingane zabo ngendlela enokhahlo noma enonya.—Kolose 3:21.

UNkulunkulu ufuna ukuba abazali bafundise futhi baqondise izingane zabo

6. Lapho abangane bomshado benenkinga yokungezwani, kufanele bazame ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. IBhayibheli lisinxusa ukuba sibonise uthando futhi sibe abathethelelayo. (Kolose 3:12-14) IZwi likaNkulunkulu alikukhuthazi ukuhlala ngokuhlukana njengendlela yokuxazulula izinkinga ezincane. Kodwa inkosikazi ingase ikhethe ukumshiya umyeni wayo uma (1) enqaba ngenkani ukondla umkhaya wakhe, (2) enobudlova kangangokuba impilo yayo noma ukuphila kwayo kusengozini, noma (3) ukuphikisa kwakhe okweqile kukwenza kungenzeki ukuba ikhulekele uJehova.—1 Korinte 7:12, 13.

7. Abangane bomshado kumelwe bathembeke komunye nomunye. Ukuphinga kuyisono kuNkulunkulu nakumngane womuntu womshado. (Heberu 13:4) Ubulili ngaphandle komshado buwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sesahlukaniso esivumela ukuba umuntu abuye ashade. (Mathewu 19:6-9; Roma 7:2, 3) UJehova uyakuzonda ukuba abantu bahlukanise ngaphandle kwezizathu ezingokomBhalo bese beshada nomunye umuntu.—Malaki 2:14-16.

 

Inyatheliswe ngo-1996

IkhayaBuyela phezulu Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.