| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 11 |
Izinkolelo Namasiko Angamjabulisi UNkulunkulu |
|
| Yiziphi izinhlobo zezinkolelo namasiko ezingalungile? (1) | |
| Ingabe amaKristu kufanele akholelwe ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu? (2) | |
| Kungani amaKristu eqiniso engawugubhi uKhisimusi, ama-Ista, noma izinsuku zokuzalwa? (3, 4) | |
| Ingabe abafileyo bangabalimaza abaphilayo? (5) | |
| Ingabe uJesu wafela esiphambanweni? (6) | |
| Kubaluleke kangakanani ukujabulisa uNkulunkulu? (7) | |
1. Akuzona zonke izinkolelo namasiko amabi. Kodwa uNkulunkulu akawavumeli uma evela enkolweni yamanga noma ephambene nezimfundiso zeBhayibheli.—Mathewu 15:6. 2. UZiqu-zintathu: Ingabe uJehova unguZiqu-zintathu—abantu abathathu kuNkulunkulu oyedwa? Cha! UJehova, uBaba, ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.’ (Johane 17:3; Marku 12:29) UJesu uyiNdodana yaKhe eyizibulo, futhi ungaphansi kukaNkulunkulu. (1 Korinte 11:3) UBaba mkhulu kuneNdodana. (Johane 14:28) Umoya ongcwele awuyena umuntu; ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.—Genesise 1:2; IzEnzo 2:18.
3. UKhisimusi Nama-Ista: UJesu akazalwanga ngo-December 25. Wazalwa cishe ngo-October 1, isikhathi sonyaka abelusi abagcina ngaso imihlambi yabo ngaphandle ebusuku. (Luka 2:8-12) UJesu akakaze ayale amaKristu ukuba agubhe ukuzalwa kwakhe. Kunalokho, watshela abafundi bakhe ukuba bakhumbule, ukufa kwakhe. (Luka 22:19, 20) UKhisimusi namasiko awo kuvela ezinkolweni zamanga zasendulo. Kunjalo nangamasiko ama-Ista, njengokusetshenziswa kwamaqanda nonogwaja. AmaKristu okuqala awazange awugubhe uKhisimusi noma ama-Ista, namaKristu eqiniso namuhla awakwenzi. 4. Izinsuku Zokuzalwa: Okuwukuphela kokugujwa kwezinsuku zokuzalwa okubili okukhulunywa ngakho eBhayibhelini kwenziwa ngabantu ababengamkhulekeli uJehova. (Genesise 40:20-22; Marku 6:21, 22, 24-27) AmaKristu okuqala awazange azigubhe izinsuku zokuzalwa. Isiko lokugubha izinsuku zokuzalwa livela ezinkolweni zamanga zasendulo. AmaKristu eqiniso aphana izipho futhi abe nezikhathi ezimnandi ndawonye ngezinye izikhathi phakathi nonyaka. 5. Ukwesaba Abafileyo: Abafileyo ngeke benze lutho noma bezwe lutho. Asinakubasiza, futhi abanakusilimaza. (IHubo 146:4; UmShumayeli 9:5, 10) Umphefumulo uyafa; awuqhubeki uphila ngemva kokufa. (Hezekeli 18:4) Kodwa ngezinye izikhathi izingelosi ezimbi, ezibizwa ngokuthi amademoni, zizenza imimoya yabafileyo. Noma yimaphi amasiko ahlangene nokwesatshwa noma ukukhulekelwa kwabafileyo awalungile.—Isaya 8:19. 6. Isiphambano: UJesu akafelanga esiphambanweni. Wafela esibondeni, noma esigxotsheni. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isiphambano” emaBhayibhelini amaningi lisho ugodo olulodwa. Uphawu lwesiphambano luvela ezinkolweni zamanga zasendulo. Isiphambano sasingasetshenziswa noma sasingakhulekelwa amaKristu okuqala. Ngakho-ke, ucabanga ukuthi bekungaba okulungile ukusebenzisa isiphambano ekukhulekeleni?—Duteronomi 7:26; 1 Korinte 10:14. 7. Kungase kube nzima ukulahla ezinye zalezi zinkolelo namasiko. Izihlobo nabangane bangase bazame ukukwenza ungazishintshi izinkolelo zakho. Kodwa ukujabulisa uNkulunkulu kubaluleke ngaphezu kokujabulisa abantu.—IzAga 29:25; Mathewu 10:36, 37. |
||||||
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|