Ingosi Esemthethweni YoFakazi BakaJehova

Ikhaya Beliefs Future Medical Topics Thintana Nathi Publications Languages
Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ISifundo 13Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Ungayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?

Ingabe zonke izinkolo ziyamjabulisa uNkulunkulu, noma eyodwa nje? (1)
Kungani ziziningi kangaka izinkolo ezithi zingezobuKristu? (2)
Ungawabona kanjani amaKristu eqiniso? (3-7)

1. UJesu waqala inkolo eyodwa yobuKristu beqiniso. Ngakho namuhla kumelwe kube nendikimba eyodwa, noma iqembu, labakhulekeli beqiniso bakaJehova uNkulunkulu. (Johane 4:23, 24; Efesu 4:4, 5) IBhayibheli lifundisa ukuthi bambalwa kuphela abantu abasendleleni encane eya ekuphileni.—Mathewu 7:13, 14.

2. IBhayibheli labikezela ukuthi ngemva kokufa kwabaphostoli, izimfundiso ezingalungile nemikhuba engeyona eyobuKristu yayiyongena kancane kancane ebandleni lobuKristu. Amadoda athile ayeyomonyula amakholwa ukuze alandele wona kunokulandela uKristu. (Mathewu 7:15, 21-23; IzEnzo 20:29, 30) Kungakho sibona izinkolo eziningi kangaka ezihlukene ezithi zingezobuKristu. Singawabona kanjani amaKristu eqiniso?

3. Uphawu oluvelele kakhulu lwamaKristu eqiniso ukuthi anothando lwangempela phakathi kwawo. (Johane 13:34, 35) Awafundiswa ukuba acabange ukuthi angcono kunabantu bezinye izinhlanga noma ibala lesikhumba. Futhi awafundiswa ukuzonda abantu bakwamanye amazwe. (IzEnzo 10:34, 35) Ngakho awahlanganyeli ezimpini. AmaKristu eqiniso aphathana njengokungathi ayazalana.—1 Johane 4:20, 21.


AmaKristu eqiniso ayathandana, ayalihlonipha iBhayibheli, futhi ashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu

4. Olunye uphawu lwenkolo yeqiniso luwukuthi amalungu ayo anenhlonipho ejulile ngeBhayibheli. Alamukela njengeZwi likaNkulunkulu futhi ayakukholelwa elikushoyo. (Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17) Athatha iZwi likaNkulunkulu njengelibaluleke ngaphezu kwemibono yabantu noma amasiko. (Mathewu 15:1-3, 7-9) Azama ukuphila ngeBhayibheli ekuphileni kwawo kwansuku zonke. Ngakho awashumayeli okunye abe enza okunye.—Thithu 1:15, 16.

5. Inkolo yeqiniso kumelwe futhi idumise igama likaNkulunkulu. (Mathewu 6:9) UJesu wenza igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, laziwa abanye. AmaKristu eqiniso kumelwe enze okufanayo. (Johane 17:6, 26; Roma 10:13, 14) Obani emphakathini wakini abatshela abanye ngegama likaNkulunkulu?

6. AmaKristu eqiniso kumelwe ashumayele ngoMbuso kaNkulunkulu. UJesu wakwenza. Ngaso sonke isikhathi wayekhuluma ngoMbuso. (Luka 8:1) Wayala abafundi bakhe ukuba bashumayele sona lesi sigijimi kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) AmaKristu eqiniso akholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoletha ukuthula kweqiniso nokulondeka kulomhlaba.—IHubo 146:3-5.

7. Abafundi bakaJesu kumelwe bangabi ingxenye yalelizwe elibi. (Johane 17:16) Abahileleki ezindabeni zezwe zezombangazwe nasezingxabanweni zomphakathi. Agwema ukuziphatha okulimazayo, imikhuba, nezimo zengqondo ezivamile kulelizwe. (Jakobe 1:27; 4:4) Ingabe uyalazi iqembu lenkolo elinalezi zimpawu zobuKristu beqiniso emphakathini wakini?

 

Inyatheliswe ngo-1996

IkhayaBuyela phezulu Isihloko esanduleleIsihloko esilandelayo

Copyright © 2011 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.