| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 15 |
Ukusiza Abanye Ukuba Benze Intando KaNkulunkulu |
|
| Kungani kufanele utshele abanye ngezinto ozifundayo? (1) | |
| Ungazihlanganyela nobani izindaba ezinhle? (2) | |
| Yimuphi umphumela ukuziphatha kwakho okungaba nawo kwabanye? (2) | |
| Ungashumayela nini nebandla? (3) | |
1. Manje usufunde izinto eziningi ezinhle eBhayibhelini. Lolu lwazi kufanele lukuholele ekuhlakuleleni ubuntu bobuKristu. (Efesu 4:22-24) Ulwazi olunjalo lubalulekile ukuze uzuze ukuphila okuphakade. (Johane 17:3) Nokho, nabanye kudingeka bezwe izindaba ezinhle ukuze nabo basindiswe. Wonke amaKristu eqiniso kumelwe afakaze kwabanye. Kungumyalo kaNkulunkulu.—Roma 10:10; 1 Korinte 9:16; 1 Thimothewu 4:16. 2. Ungaqala ngokuhlanganyela izinto ezinhle ozifundayo nalabo osondelene nabo. Zixoxele umkhaya wakho, abangane, ofunda nabo, nalabo osebenza nabo. Yiba nomusa futhi ube nesineke lapho wenza lokho. (2 Thimothewu 2:24, 25) Khumbula ukuthi abantu ngokuvamile babheka ukuziphatha komuntu ngaphezu kokulalela lokho akushoyo. Ngakho ukuziphatha kwakho okuhle kungadonsa abanye kubenze balalele isigijimi obatshela sona.—Mathewu 5:16; 1 Petru 3:1, 2, 16. 3. Ngokuhamba kwesikhathi, ungase ufanelekele ukuqala ukushumayela nebandla lendawo yakini loFakazi BakaJehova. Lesi isinyathelo esibalulekile entuthukweni yakho. (Mathewu 24:14) Yeka indlela ongajabula ngayo uma ungase ukwazi ukusiza othile ukuba abe inceku kaJehova futhi azuze ukuphila okuphakade!—1 Thesalonika 2:19, 20. |
||
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|