| Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? | ISifundo 16 |
Isinqumo Sakho Sokukhonza UNkulunkulu |
|
| Yini okumelwe uyenze ukuze ube umngane kaNkulunkulu? (1, 2) | |
| Uzinikezela kanjani kuNkulunkulu? (1) | |
| Kufanele ubhapathizwe nini? (2) | |
| Ungawathola kanjani amandla okuhlala uthembekile kuNkulunkulu? (3) | |
1. Ukuze ube umngane kaNkulunkulu, kumelwe uthole ulwazi oluhle lweqiniso leBhayibheli (1 Thimothewu 2:3, 4), ube nokholo ezintweni ozifundile (Heberu 11:6), uphenduke ezonweni zakho (IzEnzo 17:30, 31), futhi uguquke enkambweni yakho yokuphila. (IzEnzo 3:19) Ngemva kwalokho uthando lwakho ngoNkulunkulu kufanele lukushukumisele ekubeni uzinikezele kuye. Lokhu kusho ukuthi emthandazweni womuntu siqu, ngasese umtshela ukuthi uzinikela kuye ukuba wenze intando yakhe.—Mathewu 16:24; 22:37. 2. Ngemva kokuba usuzinikezele kuNkulunkulu, kufanele ubhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20) Ubhapathizo lwenza wonke umuntu azi ukuthi uzinikezele kuJehova. Ngakho ubhapathizo lungolwalabo kuphela asebebadala ngokwanele ukuba benze isinqumo sokukhonza uNkulunkulu. Lapho umuntu ebhapathizwa, umzimba wakhe wonke kufanele ufakwe ngaphansi kwamanzi okwesikhashana.*—Marku 1:9, 10; IzEnzo 8:36. 3. Ngemva kokuba uzinikezele, uJehova uyolindela ukuba uphile ngokuvumelana nesithembiso sakho. (IHubo 50:14; UmShumayeli 5:4, 5) UDeveli uyozama ukukuvimbela ekukhonzeni uJehova. (1 Petru 5:8) Kodwa sondela kuNkulunkulu ngomthandazo. (Filipi 4:6, 7) Tadisha iZwi lakhe usuku ngalunye. (IHubo 1:1-3) Hlala useduze nebandla. (Heberu 13:17) Ngokwenza konke lokhu, uyothola amandla okuhlala uthembekile kuNkulunkulu. Ngaleyo ndlela ungenza izinto uNkulunkulu azifunayo kuwe kuze kube phakade! Ungathanda yini ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala? Bhalela oFakazi BakaJehova ekhelini elifanele. Amakheli
|
||
Inyatheliswe ngo-1996 |
|
Copyright © 2008 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved. |
|